Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 55:22 - IsiZulu 2020

22 Phonsa umthwalo wakho kuSimakade, Yena uzokusimamisa. Akayukuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, uzakukuphasa; Akasoze avumela olungileyo antengantenge.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 55:22
23 Referans Kwoze  

niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.


Nikela indlela yakho kuSimakade; umethembe, Yena uzokwenzela okufisayo.


“Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na?


NguYena kuphela oyidwala lami, nensindiso yami, nenqaba yami; angiyukunyakaziswa.


Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.


Uma ewa, akayukufumbeka phansi, ngokuba uSimakade ubamba isandla sakhe.


Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.


NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.


Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke, inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe, uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.


“Zanini kimi, nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, ngizakuniphumuza.


Umphefumulo wami ubambelele kuwe, esokunene sakho singisekele.


“Uyakugcina izinyawo zabathembekileyo bakhe, kodwa izikhohlakali ziyakubhujiswa ebumnyameni, ngokuba akukho muntu oyakuphumelela ngamandla akhe odwa.


Akayukuluvumela unyawo lwakho lushibilike; okulondayo akozeli.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?


Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu nangemizimba yenu ukuthi niyakudlani, nanokuthi niyakwembathani.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Sengathi uSimakade angazinquma izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi okuziqhayisa.


ukuze bazume ongenacala bamdubule, bamdubule engazelele; abanaluvalo.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye, ngokuba ngizokwenza kanjani ngenxa yesono sabantu bami na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite