Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 55:21 - IsiZulu 2020

21 amazwi akhe abushelelezi kunamafutha, kodwa inhliziyo igaya izibozi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa, kepha inhliziyo yakhe iyimpi; amazwi akhe athambile kunamafutha; nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Amazwi omlomo wakhe abushelelezi kunebhotela, kepha inhliziyo yakhe yayilwa; amazwi akhe ayethambile kunamafutha, nokho ayeyizinkemba ezihoshiwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 55:21
16 Referans Kwoze  

Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.


Ungangilahli kanye nezoni nabenzi bokubi, abathi becebela omakhelwane babo ububi ngezinhliziyo, babe bekhuluma kahle ngemilomo yabo.


Ulimi oluhubhuza amanga luyabazonda olubalimazile; nomlomo othophayo uyabhubhisa.


abalola ulimi lwabo njengenkemba, bacibe imicibisholo yabo engamazwi ababayo,


Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma.


Wayesebuza uJuda omkhaphelayo, wathi: “Kungaba yimi, Rabi na?” UJesu wathi kuye: “Usho khona.”


Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza kufana nokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.


Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela


Sekudliwa isidlo sakusihlwa, usathane wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele.


Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”


USawule wayaleza ezincekwini zakhe, wathi: “Khulumani noDavide ngasese, nithi: ‘Uyabona, inkosi yenamile ngawe, nazo zonke izinceku zayo ziyakuthanda, ngakho-ke yiba ngumkhwenyana wenkosi.’ ”


Ngiyakukhonza bani uma ngingekhonze indodana yakhe, na? Njengalokhu ngamsebenzela uyihlo, ngizokwenza kanjalo nakuwe.”


Iyokwenza imikhuleko eminingi yini kuwe, ikhulume amazwi athobekileyo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite