Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 55:17 - IsiZulu 2020

17 Ekuseni, emini nantambama ngizokhala kuye, ngibubule, uzolizwa izwi lami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngizokhuleka ngikhale kakhulu ebusuku nasekuseni nasemini, futhi uzolizwa izwi lami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 55:17
23 Referans Kwoze  

ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke nikuMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,


Umkhuleko wami mawufane nempepho phambi kwakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami, njengomnikelo wakusihlwa.


UPhethro noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lesishiyagalolunye elingelokukhuleka.


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Kuthe ngakusasa besahamba labo, sebesondela emzini, uPhethro wenyukela phezu kwendlu ukuba ayokhuleka ngehora lesithupha.


Kwathi ekuseni ngovivi, wavuka, waphuma, waya endaweni eyihlane, wayokhuleka khona.


Kwathi lapho uDaniyeli esazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe, amafasitela ayesekamelweni lakhe eliphezulu ayevulekele ngaseJerusalema, waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho ayenzile kuqala.


Phakathi kwamabili ngivuka ngikubonge ngenxa yezehlulelo zakho ezilungileyo.


ukumemezela umusa wakho ekuseni, nokwethembeka kwakho ebusuku,


UKhorneliyu wathi: “Kuthe ngikhuleka ngehora lesishiyagalolunye endlini yami, ezinsukwini ezine ezedlule, ngabonasekumi phambi kwami indoda eyayembethe ingubo ekhazimulayo,


Esevalelisile esixukwini, wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.


Simakade, mina ngikhala kuwe, ekuseni umkhuleko wami uyenyuka phambi kwakho.


Waba nombono lapho abona kuwo ngokusobala ingelosi kaNkulunkulu ifika kuye, cishe ngehora lesishiyagalolunye emini, ithi: “Khorneliyu!”


Ayesephendula phambi kwenkosi ethi kuyo: “UDaniyeli ongomunye wabathunjwa bakwaJuda akakushayi mkhuba wena nkosi, nomthetho owulobileyo, kepha uyayenza imikhuleko yakhe yokunxusa kathathu ngosuku.”


wababona ukuthi banobunzima obukhulu lapho begwedla, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kwathi ngomlindo wesine wobusuku, weza kubo ehamba phezu kolwandle; kwaba sengathi uyadlula kubo.


Nalapho ngikhala ngicela usizo, akawunakanga umkhuleko wami.


Noma ngikhalile ngathi: ‘Indluzula!’ kepha angiphendulwanga, ngicele ukusizwa, kodwa abukho ubulungiswa.


Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi.


Ngosuku losizi lwami, ngifuna iNkosi, ebusuku ngelule isandla sami ngingakhathali. Umphefumulo wami uyenqaba ukududuzwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite