Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 55:10 - IsiZulu 2020

10 Emini nasebusuku, bazulazula bezungeza phezu kwezingange zawo, inkohlakalo nenkathazo kukuwo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Imini nobusuku bahamba bezungeza phezu kwezingange zawo; okubi nokushinga kuphakathi kwawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Imini nobusuku bayawudwengula ezindongeni zawo; nobubi nosizi kukuwo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 55:10
16 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”


Kepha icebo labo laziwa nguSawula. Babemlindela ngisho nasemasangweni, imini nobusuku, ukuze bambulale.


Khona bamhola uJesu esuka kuKhayafase, bamyisa enkundleni yokwehlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enkundleni yokwehlulela ukuze bangazingcolisi, kodwa bakwazi ukudla iPhasika.


UJuda esetholile isigejana samabutho, izikhonzi zabaphristi abakhulu, nabaFarisi, wahamba nabo baya kuleyo ndawo, bephethe izihlonti, izibani nezikhali.


Impela bashisisa izinhliziyo zabo ngamacebo abo njengeziko, umbhaki wabo ulala ubusuku bonke; ekuseni livutha njengomlilo wamalangabi.


Babuya kusihlwa, bahlabe umkhulungwane njengenja, bezulazula emzini.


USawule wathumela izithunywa endlini kaDavide ukuba zimqaphe, bese zimbulala ekuseni. UMikhali, umkakhe, wambikela uDavide, wathi: “Uma ungayihlengi impilo yakho ngalobu busuku, uzobulawa kusasa.”


Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Absalomu.” Wayesethi uDavide: “Simakade, ake uwenze inhlekisa amasu ka-Ahithofeli.”


Ababi bahlubuka kwasesibelethweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.


Kungani ungibonisa ububi, uthalalise ngenkathazo na? Imbubhiso nobudlova kuphambi kwami; kukhona ukulwa nombango okudlangile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite