Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 54:4 - IsiZulu 2020

4 Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami. INkosi igcina umphefumulo wami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami; iNkosi ikubo abaphasa umphefumulo wami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bheka, uNkulunkulu ungumsizi wami; uJehova unabo abasekela umphefumulo wami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 54:4
10 Referans Kwoze  

ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?”


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ungihlohlolozile ukuze ngiwe, kodwa uSimakade uyangisiza.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.


Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi, owayeyinhloko yabangama-30, wathi: “Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese; ukuthula, ukuthula makube nawe, ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho ukusizile.” Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.


Mina uyakungigcina ngiqotho, ungihlalise ebukhoneni bakho kuze kube phakade.


Ake ulalele udaba lwami, Simakade, ulalele ukukhala kwami, ubeke indlebe yakho emkhulekweni wami ophuma emlonyeni ongenankohliso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite