Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 52:1 - IsiZulu 2020

1 We siqhwaga, uziqhayiselani ngokubi na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Uzigabiselani ngokubi wena siqhwaga na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela, uMaskili, ihubo likaDavide, lapho uDowegi wakwa-Edomi efika, wamtshela uSawule, wathi kuye: “UDavide ufikile endlini ka-Ahimeleki. Ubuhle bukaNkulunkulu buyaqhubeka.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 52:1
24 Referans Kwoze  

Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Bongani uSimakade ngokuba muhle, umusa wakhe umi ingunaphakade.


Bakhulumela futhi, bakhuluma amagama ayiziswana, bonke abenzi bokubi bayazigabisa.


njalo uceba okubi nenkohliso enhliziyweni yakhe, futhi uphehla udweshu.


Ngalolo lusuku kwakukhona umuntu owayengomunye wezinceku zikaSawule, owayehlaliswe phambi kukaSimakade ukuze afeze okuthile, igama lakhe kunguDowegi wakwa-Edomi, eyinduna yabelusi bakaSawule.


Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.


Sinemihelo ngobubi; sikhulelwe ububi, sizala amanga.


Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abathandimali, abazigabisayo, abazidlayo, abahlambalazayo, abangabalaleli abazali, abangabongiyo, abahlazisayo,


inhliziyo eceba okubi, izinyawo ezishesha ukugijimela ebubini;


“Emacaleni wonke ombango wempahla, aphathelene nenkabi, imbongolo, imvu, isembatho, noma iyiphi nje enye impahla elahlekile, bobabili ababangayo bayoletha izikhalo zabo kuNkulunkulu. Olahlwa yicala phambi kukaNkulunkulu uyomkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.


Banyembenya abanye, bazonda uNkulunkulu; bayizidlova, bayazidla, bayazigabisa, bangabaqambi bokubi, nabangabalaleli abazali;


Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.


Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo, lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo komakhelwane babo, kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.


Bheka, bayakhafula ngemilomo yabo, amazwi abo ayizinkemba ezindebeni zabo, ngokuba bathi: “Ngubani ozwayo na?”


Abafokazi bangivukele, izidlova zizingela impilo yami. Azimgqizi qakala uNkulunkulu. Sela


Umlomo waso ugcwele iziqalekiso, inkohliso nencindezelo; phansi kolimi lwaso kukhona ukuganga nobubi.


Kwathi ngosuku lwesibili uGedaliya ebulewe, kungazi muntu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite