Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 51:18 - IsiZulu 2020

18 IZiyoni lenzele okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Lenzele iSiyoni okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange zaseJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Yenzani okuhle kulo iSiyoni; yakha izingange zaseJerusalema.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 51:18
23 Referans Kwoze  

Ngokuba uSimakade ulakhile iZiyoni, ubonakele enkazimulweni yakhe.


Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe.


Wakumisa phambilini ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Khristu, njengalokhu kwaba kuhle kuye ngentando yakhe,


“Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso.


Ngenxa yalokho, siyanikhulekela njalo, ukuze uNkulunkulu wethu anenze nifanele ukubizwa kwenu, akuphelelise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa,


USimakade wakha iJerusalema, uqoqa abakwa-Israyeli ababexoshiwe.


Nkulunkulu, khulula u-Israyeli kuzo zonke izinkathazo zakhe.


esazisa imfihlakalo yentando yakhe ayimisile kuye ngokuthanda kwakhe,


‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.


“Kuyakufika usuku lokwakha ugange lwakho, ngalolo lusuku umngcele wakho uyakunwetshwa ube kude.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.


Nina eniphunyuke enkembeni, hambani, ningami; khumbulani uSimakade nikwelikude izwe, nicabange ngeJerusalema.


Ngenxa yeZiyoni angiyukuthula, nangenxa yeJerusalema angiyukuphumula, kuze ukulunga kwalo kuphume njengokukhanya, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.


Abanye phakathi kwenu bayokwakha kabusha incithakalo yezakhiwo zasemandulo; uyakuvusa izisekelo zezizukulwane ngezizukulwane, uyobizwa ngokuthi unguMvuseleli wezingange, noMlungisi wemigwaqo ukuba kuhlalwe kukho.


Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo; enze ihlane lalo libe njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade; injabulo, nentokozo, ukubonga, nezwi lokuhlabelela kuyofunyanwa khona.


Ngokuba uNkulunkulu uzolisindisa iZiyoni, ayakhe imizi yakwaJuda, bahlale kuyo, libe yifa labo.


Ngase ngithi kubo: “Niyayibona yini inkathazo esikuyo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo, namasango alo ashisiwe na? Wozani, masakhe kabusha ugange ukuze singaphinde sibe yihlazo.”


Ngase ngithi: “Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:


Ngabe uyakuthokoza yini uSimakade ngezinqama eziyinkulungwane, nangezinkulungwane ezilishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami yini ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite