Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 51:13 - IsiZulu 2020

13 Yikhona ngiyofundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziphendukele kuwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziyakuphendukela kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngizafundisa abaphambukayo izindlela zakho; futhi izoni zizophendukela kuwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 51:13
24 Referans Kwoze  

Kepha Mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli. Wena-ke, uma usuphendukile, uqinise abafowenu.”


Ngakho-ke ibandla labathuma, badabula eFenike naseSamariya. Balandisa abazalwane ngokuphenduka kwabezizwe, baletha intokozo enkulu kubazalwane.


Ngakho-ke phendukani, niguquke ukuba zithethelelwe izono zenu,


wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: uma ningaphenduki nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.


“Ngimzwile nokumuzwa u-Efrayimi ezikhalela, ethi: ‘Ungishayile, ngashayeka njengethole elingaqeqeshekile; ngibuyise ukuze ngibuye, ngokuba Wena unguSimakade uNkulunkulu wami.


Yenza inhliziyo yalaba bantu ibe lukhuni, izindlebe zabo zibe buthuntu; ufiphaze amehlo abo, funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.”


Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.


Ngase ngisivuma isono sami kuwe, angaze ngasifihla isiphambeko sami. Ngathi: “Ngizozivuma iziphambeko zami kuSimakade,” Yena wangithethelela icala lokona kwami.


USimakade muhle, ulungile, yingakho izoni ezifundisa indlela.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokhumbula, bese iphendukela kuSimakade, nayo yonke imindeni yezizwe iyokhothama phambi kwakho;


Umthetho kaSimakade uphelele, uvuselela umphefumulo. Ubufakazi bukaSimakade buthembekile, nongebani bumnika ukuhlakanipha.


wathi: “Maye, kuwe wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyukuyeka yini ukuphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?


Simakade, ngazise izindlela zakho, ungifundise imendo yakho.


Yingakho nje uSimakade wamthukuthelela kakhulu u-Israyeli, wamsusa phambi kwakhe, akwaze kwasala muntu, ngaphandle kwesizwe sakwaJuda kuphela.


USimakade wabafulathela bonke abozalo luka-Israyeli, wabahlupha, wabanikela esandleni sabaphangi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


USimakade waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe, njangalokhu ayeshilo ngomlomo wabaphrofethi bakhe. U-Israyeli waya ekuthunjweni, e-Asiriya, wasuka kwelakubo kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite