Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 51:11 - IsiZulu 2020

11 Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oyiNgcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ungangilahli ebusweni bakho; futhi ungawususi kimi umoya wakho ongcwele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 51:11
23 Referans Kwoze  

Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube wusuku lokuhlengwa.


USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.


Kepha nina anibuswa yinyama yemvelo, kodwa nikuye uMoya, inqobo nje uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKhristu, lowo kasiye owakhe.


USimakade wathi: “UMoya wami awuyukuhlala phakathi kwabantu kuze kube phakade, ngoba bayinyama nje. Iminyaka yabo yokuphila isizoba yi-120.”


Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.


Ngakho-ke uma nina eningababi, nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani-ke uYihlo osezulwini uzakubapha abacelayo kuye uMoya oNgcwele.”


Nalapho sengimdala, sengiyimpunga, uze ungangishiyi, ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa, namandla akho ezizukulwaneni.


UMoya kaSimakade wamshiya uSawule, wayesengenwa ngumoya omubi owawuvela kuSimakade.


Kuthe ukuba bafike entabeni, kweza iviyo labaphrofethi ukuzohlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waphrofetha ephakathi kwabo.


UDelila wayesethi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Lapho evuka ebuthongweni wathi: “Ngizophuma njengasesikhathini esedlule, ngizithintithe.” Wayengazi ukuthi uSimakade umshiyile.


Laba-ke bazakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade, basuswe ebukhoneni beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,


Ungangilahli ngesikhathi sobudala, ungangishiyi lapho sengiluphele,


Lokho kwenzeka eJerusalema kwaJuda ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla ebusweni bakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.


Kepha umusa wami awuyukusuka kuye, njengoba ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho.


Lapho efika eLehi, amaFilisti eza ukuzomhlangabeza ememeza; uMoya kaSimakade wehlela kuye, izintambo ezazisezingalweni zakhe zancibilikisa okwefilakisi lishiswa ngumlilo, izibopho ezazisezandleni zakhe zancibilika zasuka ezandleni zakhe.


Ngiyakunixosha ebukhoneni bami njengalokhu ngenza nakubafowenu, bonke abozalo luka-Efrayimi.’


Ngokuba Wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami, ungilahleleni na? Kungani ngihamba ngilila ngenxa yokucindezelwa yisitha na?


Bheka, namuhla usungixoshile emhlabeni, sengingumhambuma nozulane ezweni, ngethuswa wubala, noma ngubani ohlangana nami uzofuna ukungibulala.”


kodwa ebizwe ngeNdodana kaNkulunkulu ngamandla ngokoMoya wobungcwele nangokuvuka kwabafileyo, uJesu Khristu iNkosi yethu,


USimakade wathi: “Naye uJuda ngiyakumsusa ebusweni bami njengoba ngenzile ku-Israyeli, lo muzi engawukhethayo, iJerusalema, nendlu engathi ngayo iGama lami liyakuba lapho, ngizakuwulahla.”


UMoya kaSimakade waqala ukumsebenzisa ngesikhathi eseMahane Dani, phakathi kweZora ne-Eshithawoli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite