Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 51:1 - IsiZulu 2020

1 Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho, wesule iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide ekufikeni kwakhe umprofethi uNathani emva kokuba esengene kuBati Sheba. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; ngokobukhulu bomusa wakho ngikhulule eziphambekweni zami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 51:1
31 Referans Kwoze  

Ngakho-ke phendukani, niguquke ukuba zithethelelwe izono zenu,


Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


“Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho.


Fihla ubuso bakho ezonweni zami, uzesule zonke iziphambeko zami.


Wayesula incwadi yecala lethu, eyayimelene nathi ngemiyalo ekuyo, wayisusa ngokuyibethela esiphambanweni.


Ngiphendule, Simakade, ngokuba umusa wakho muhle, ngokwesihawu sakho esikhulu, phendukela ngakimi.


Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle.


Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe.


Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu ongukulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo ebanzi; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.


Noma ikudabukisile, iyokuhawukela ngobukhulu bobubele bayo.


Inceku yakho iphathe ngomusa wakho, ungifundise izimiso zakho.


Kepha Wena Simakade, Nkosi yami, ngiphathe ngomusa ngenxa yegama lakho, njengokuba umusa wakho ulungile, ngisindise.


Wena Simakade ungangigodleli ububele bakho, umusa wakho neqiniso lakho makuhlale kungilondile njalo.


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho, ngenxa yobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokuthobeka ethempelini lakho elingcwele.


Okhokho bethu beseseGibhithe abaziqondanga izibonakaliso zakho, ababukhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa, bakuhlubuka bengasolwandle, oLwandle Lomhlanga.


Kepha mina ngikhuleka kuwe, Simakade. Ngesikhathi esifanele, Nkulunkulu, ngobukhulu bomusa wakho, ngiphendule ngeqiniso lensindiso yakho.


Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela, ngokuba simhlubukile,


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho, nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.


Ngiyakuwukhumbula umusa kaSimakade, ngimdumise uSimakade ngakho konke asenzele khona, nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli ayenzele khona, ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.


USimakade muhle kubo bonke, uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.


Ngabe uNkulunkulu usekulibele yini ukuba nozwelo? Ngabe ulaka lwakhe selugabhe uzwelo analo na?”


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Ungabaxoleli izono zabo, necala labo ungalesuli phambi kwakho, ngokuba bakwedelele phambi kwabakhi.”


Kepha Wena Simakade uyawazi wonke amacebo abo okungibulala; ungabuthetheleli ububi babo, nesono sabo ungasesuli phambi kwakho, mabathelwe phansi phambi kwakho, ubajezise ngesikhathi usathukuthele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite