Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 50:3 - IsiZulu 2020

3 UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula; umlilo udla phambi kwakhe; uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UNkulunkulu wethu uyakufika, angathuli; umlilo uyakudla phambi kwakhe, uvunguze kakhulu nxazonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 50:3
28 Referans Kwoze  

Umfula womlilo wawugeleza uqubuka phambi kwakhe. Inkulungwane yezinkulungwane yayimkhonza, nezinkulungwane ezilishumi zezinkulungwane ezilishumi zimi phambi kwakhe; kwahlala abehluleli, izincwadi zavulwa.


Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.


Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, wabashisa, bafa phambi kukaSimakade.


Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.” Amen. Woza, Nkosi uJesu!


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.


Phambi kwakhe kuhamba ubhubhane, kulandele isifo ezinyaweni zakhe.


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, impela uyeza ukuzokwehlulela umhlaba. Uzowehlulela ngobuqotho umhlaba, nezizwe ngokwethembeka kwakhe.


Nkulunkulu, ungathuli, ungabi yisithulu, ungali ukukhuluma, Nkulunkulu.


UNkulunkulu wethu unguNkulunkulu okhululayo, ukukhulula ekufeni kungokukaSimakade, iNkosi.


Lokho ukwenzile, ngathula, ushaye sengathi Mina nginjengawe; ngizakukusola, ngikubeke icala.


ukuthi impela lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade. Uzosihola kuze kube sekufeni.


“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.


Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


Yishoni kwabanhliziyo enokwesaba, nithi: “Yimani isibindi, ningesabi, bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngempindiselo, impindiselo kaNkulunkulu, nguye oza ukunisindisa.”


Ngabheka, ngabona umoya oyisivunguvungu uvela enyakatho, ifu elikhulu, umlilo onkewuzayo nokubaneka nxazonke. Phakathi komlilo kwavela okucwazimulayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite