Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 5:4 - IsiZulu 2020

4 Ngokuba Wena unguNkulunkulu ongabuthokozeli ububi; ububi abunakuhlala kuwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi; omubi akanakuhlala kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda ububi; nobubi abuyikuhlala nawe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 5:4
16 Referans Kwoze  

USimakade uyamvivinya olungileyo, kodwa uyamzonda othanda ubudlova.


Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.


Nimkhathazile uSimakade ngamazwi enu. Bese nithi: “Simkhathaze ngani na?” Ngokukhuluma kwenu nithi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaSimakade; Yena uyathokoza ngabo,” noma nithi: “Uphi uNkulunkulu wobulungiswa na?”


Impela abalungileyo bayolibonga iGama lakho; abaqotho bayohlala phambi kwakho.


Lokho ukwenzile, ngathula, ushaye sengathi Mina nginjengawe; ngizakukusola, ngikubeke icala.


Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?


ukuze bamemezele ukuthi uSimakade ulungile, uyidwala lami, kuye akukho ukungalungi.


Kepha thina njengokwesithembiso sakhe, silindele amazulu amasha nomhlaba omusha, okukhona kuwo ukulunga.


Akukho namunye owenza inkohliso, oyohlala endlini yami, namunye oqamba amanga, oyokuma phambi kwamehlo ami.


Isihlalo sobubi singahlanganyela yini nawe, leso esisebenza okubi kungathi kusemthethweni na?


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.


Yingakho ngikufuna endaweni engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.


Simakade, uwulahlelani umphefumulo wami? Ungifihlelelani ubuso bakho na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite