Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 5:11 - IsiZulu 2020

11 Kepha mabajabule bonke abaphephela kuwe, mabakhamuluke ngenjabulo phakade, ubasibekele, bajabule kuwe abathanda igama lakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe, bahalalise kuze kube phakade, abathanda igama lakho bethabela kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kodwa kabathokoze bonke abathembela kuwe; mabajabule njalo, ngokuba uyabavikela; abalithandayo igama lakho mabajabule ngawe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 5:11
18 Referans Kwoze  

Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu, konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngokwecebo lakhe.


Kepha abalungileyo mabajabule, bethabe phambi kukaNkulunkulu, bathokoze nokuthokoza.


Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo, abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uSimakade.”


Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.


Kepha kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga nendlebe engakuzwanga, okungaphumanga enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu wakulungisela labo abamthandayo.”


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Lalelani, bazalwane bami abathandekayo, uNkulunkulu akabakhethanga yini abampofu bomhlaba ukuba babe ngabacebileyo okholweni, nezindlalifa zombuso awuthembisa kulabo abamthandayo na?


Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Abantwana bezinceku zakhe bazolidla libe yifa labo, nalabo abathanda igama lakhe bazohlala kulo.


Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngokusanhlamvu, konke kuyajabula, kuyahlabelela.


Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami; mabathi njalo njalo: “Makadunyiswe uSimakade othokoza ngenhlalakahle yenceku yakhe.”


Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,


lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na?


“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite