Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 49:14 - IsiZulu 2020

14 Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa, abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Njengezimvu babekwa ethuneni; ukufa kuzobapha; abaqotho bayakubusa phezu kwabo ekuseni; nobuhle babo buyoqedwa eHayidese bungabikho endaweni yabo yokuhlala.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 49:14
23 Referans Kwoze  

Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.


Anazi yini ukuthi abangcwele bayakuwehlulela umhlaba na? Kepha uma umhlaba wahlulelwa yinina, pho ningehlulwa yini ukukhipha izigwebo zamacala amancane na?


kwaze kwafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke base bevunwa yisigwebo, kwafika isikhathi esinqunyiweyo sokuba umbuso ube ngowabangcwele.


Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni nasendlini okubuthanela kuyo bonke abaphilayo.


Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngenxa yakho, sibulawa usuku lonke; sifana nezimvu zokuhlatshwa.”


ukuze nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami. Niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nibuse izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.”


Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwemukeliswa umbuso, ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’


Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela


Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni.


Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.


Kepha Wena Simakade uyangazi, futhi uyangibona, uhlola inhliziyo yami ukuthi injani kuwe. Bahudule njengezimvu ziyokuhlatshwa, ubalungisele usuku lokuhlatshwa.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.


Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu, nabantu phansi kwezinyawo zethu.


Usenze safana nezimvu zokuhlatshwa, wasihlakazela phakathi kwezizwe.


Izikhohlakali ziyakubuyela endaweni yabafileyo, yebo, zonke izizwe ezikhohlwa nguNkulunkulu.


Bayolala phansi othulini kanyekanye, izimpethu zibemboze.


Ziphetha imihla yazo ngokuhle, zehlela endaweni yabafileyo ngokuthula.


Intambo yethende labo ayibhonculiwe yini kubo, futhi bafe bengenakho ukuhlakanipha na?’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite