Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 47:2 - IsiZulu 2020

2 Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka, uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyiNkosi enkulu emhlabeni wonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 47:2
18 Referans Kwoze  

“Makaqalekiswe oyiqili, okukhona iduna emhlanjini wakhe, afunge, ahlabele iNkosi okunesici, ngokuba ngiyinkosi enkulu, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe,” kusho uSimakade Wamabandla.


Mabalibonge igama lakhe elikhulu nelesabekayo; ungcwele Yena.


Ngokuba uSimakade unguNkulunkulu omkhulu, uyiNkosi enkulu ngaphezu konkulunkulu bonke.


UNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke, hubani ihubo!


Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele, uNkulunkulu ka-Israyeli abantu bakhe ubapha amandla nezikhwepha. Makadunyiswe uNkulunkulu.


Ngalokho-ke ungazesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo, uphakathi kwakho.


Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu. Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude,


Ngathi: “Ngiyakunxusa Simakade, Nkulunkulu wezulu, Wena omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nothando olungenambandela kulabo abakuthandayo, begcina imithetho yakho.


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.


Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo, ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.


Unquma umoya wezikhulu, uyesabeka emakhosini omhlaba.


“Uma ungaqapheli ukuwenza wonke amazwi alo mthetho alotshwe kule ncwadi ukuba ulesabe igama lakhe elidumisekayo nelesabekayo elithi USIMAKADE UNKULUNKULU WAKHO,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite