Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 46:9 - IsiZulu 2020

9 Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, aphule umkhonto; inqola uyishisa ngomlilo.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 46:9
13 Referans Kwoze  

Uyokwehlulela phakathi kwezizwe, axazulule imibango yezizwe eziningi. Ziyocangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe asiyukuphakamisela esinye inkemba, zingabe zisaviviselwa ukulwa.


USimakade uthi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku, nginqume amahhashi akho onawo, ngiqede nya ngezinqola zakho.


Ayisayukubabikho indluzula ezweni lakini, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemingcele yakho, kodwa izingange zakho uyozibiza ngokuthi yiNsindiso, namasango akho ngokuthi yiNdumiso.


Abayukukwenza okubi, noma babhubhise entabeni yami engcwele, ngokuba umhlaba wonke uyogcwala ukumazi uSimakade njengamanzi esibekela ulwandle.


“Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe; abakhubekayo babhinciswa amandla.


UJoshuwa wenza kubo njengalokhu uSimakade ayemyalile: wanquma amahhashi abo imisipha, washisa nezinqola zabo ngomlilo.


ngiwushaye umnsalo osesandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esesandleni sakho sokunene.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”


Wozani nibone ukuthi uNkulunkulu wenzeni, akwenzayo kuyesabeka phakathi kwabantu.


Ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla uyokuphelelisa ukubhujiswa osekunqunywe emhlabeni wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite