Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 46:5 - IsiZulu 2020

5 UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyukuzanyazanyiswa, uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyikuzanyazanyiswa; uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UNkulunkulu uphakathi kwawo; ngeke antengantenge: uNkulunkulu uzomsiza, futhi kusesekuseni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 46:5
24 Referans Kwoze  

‘Kepha Mina, ngiyakuba lugange lomlilo kulo oluluzungeze ngimbi ci, futhi ngibe yinkazimulo kulo,’ kusho uSimakade.


Niyakukwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli, nokuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu, akekho omunye; abantu bami abayukujabha kuze kube phakade.


USimakade usisusile isigwebo sakho, wasixosha nesitha sakho. INkosi yakwa-Israyeli, uSimakade, iphakathi kwakho, awusayukwesaba futhi okubi.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, le ndawo iyisihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kuze kube phakade. Indlu yakwa-Israyeli ayisayukulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo.


Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”


NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.


Akayukunyakaziswa kuze kube phakade, olungileyo uyohlala ekhunjulwa kuze kube phakade.


“Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubuyela eZiyoni, ngihlale phakathi kwalo iJerusalema. IJerusalema liyakubizwa ngokuthi ‘uMuzi Othembekileyo’ nentaba kaSimakade Wamabandla ibizwe ngokuthi: ‘YiNtaba Engcwele.’ ”


Manje-ke mabakudedisele kude nami ukuphinga kwabo, nezidumbu zamakhosi abo, ukuze ngihlale phakathi kwabo kuze kube phakade.


NguYena kuphela oyidwala lami, nensindiso yami, nenqaba yami; angiyukunyakaziswa.


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyahamba ehla enyuka phakathi kwenkambu ukukuhlenga, futhi izitha zakho uzinikele kuwe. Ngalokho-ke inkambu yakho liyokuba ngcwele ukuze angaboni into engcolileyo phakathi kwenu, bese ekufulathela.”


USimakade uyobasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.


Ngeke ngisaqhubeka nolaka lwami oluvuthayo, noma ngibhubhise u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu, ngingongcwele phakathi kwenu, angiyukufika ngolaka.


Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni.


Ngithi kini: uyakubenzela ubulungiswa ngokushesha. Ngabe iNdodana yomuntu iyokufumana yini ukukholwa emhlabeni mhla ifika na?”


Mangizwe ububele bakho ekuseni, ngokuba ngethembela kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba umphefumulo wami ngiwuphakamisela kuwe.


Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.


Wena wenyukele phezulu, wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho, nakulabo abebehlubukile, ukuze uSimakade uNkulunkulu ahlale khona.


“Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba, ukuthi: “ ‘Nakhu okushiwo yilowo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, uthi:


UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela esimweni salo entathakusa. AbaseGibhithe babaleka, kodwa uSimakade wabaphonsa phakathi kolwandle abaseGibhithe.


Entathakusa uSimakade esensikeni yomlilo nasefini, wabheka phansi emshungwini wempi yabaseGibhithe, wayenza yadideka impi.


Wayesengibuyisela emnyango wendlu. Kwakugeleza amanzi phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba indlu yayibheke ngasempumalanga. Amanzi aphophoza ephuma phansi ohlangothini lwakwesokunene lwendlu, ngaseningizimu ye-althare.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite