Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 46:3 - IsiZulu 2020

3 nakuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuzela, nezintaba zizamazama ngokudlanga kwalo. Sela

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 nokuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuza, nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo. Sela*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Noma amanzi alo ehlokoma futhi enyakaziswa, noma izintaba zizamazama ngokukhukhumala kwawo. Sela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 46:3
17 Referans Kwoze  

Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.


Izintaba ziyazamazama phambi kwakhe, amagquma ancibilike, umhlaba uyavokomala, nezwe nabo bonke abahlala kulo.


Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe, izigodi ziqhekezeke njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi ethelwa emehlelweni.


Iziqhingi zonke zabaleka, nezintaba azifunyanwanga.


Layithela imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya, zayishaya leyo ndlu, kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe edwaleni.


“Manje-ke, nina enakhe eJerusalema nani nonke kwaJuda, ake nehlulele phakathi kwami nesivini sami.


Izintambo zokufa zangizungeza, izikhukhula zembubhiso zangikhungatha.


ngathi: ‘Uyokhuphuka ugcine lapha, kepha awuyukudlula, kulapho amaza akho aziqhenyayo azokuma khona’?


Yayisithi kimi: “Amazwi owabonileyo lapho bekuhleli khona isifebe, ngabantu, izixuku, izizwe nezilimi.


Ngabuka izintaba, bheka, zazamazama, namagquma wonke anyakaza.


Wathi: “Phuma, ume entabeni phambi kukaSimakade.” USimakade wedlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba, waphahlaza amadwala phambi kukaSimakade, kodwa uSimakade wayengekho emoyeni. Emva komoya kwazamazama umhlaba, kodwa wayengekho uSimakade ekuzamazameni komhlaba.


Yebo, izintaba zingasuswa, namagquma azanyazanyiswe, kodwa umusa wami awuyukusuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyukususwa,” kusho uSimakade okuhawukelayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite