Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 46:10 - IsiZulu 2020

10 Thulani, niqonde ukuthi Mina nginguNkulunkulu, ngiyakuphakama kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Thula, nazi ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyathanda ukuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakanyiswe emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 46:10
26 Referans Kwoze  

Yazini ukuthi uSimakade unguNkulunkulu; nguYena osidalileyo, asizidalanga thina, singabantu bakhe, nezimvu zedlelo lakhe.


Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


Ngiyakububonakalisa kanjalo-ke ubukhulu bami nobungcwele bami, futhi ngizazise phambi kwezizwe eziningi, ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade.” ’ ”


Thulani du, bantu nonke phambi kukaSimakade, ngokuba usesukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”


bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguSimakade, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


Ukuzidla kwabantu kuyothotshiswa, nokuzikhukhumeza kwabantu kuyofojiswa; nguSimakade kuphela oyophakanyiswa ngalolo lusuku.


Phakama, Nkulunkulu phezu kwezulu, inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.


Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


Phakama ngamandla akho, Simakade. Thina sizohlabelela, situse amandla akho.


uSimakade Wamabandla uphakeme ekwehluleleni, uNkulunkulu oNgcwele ubonakalisile ubungcwele bakhe ngokulunga.


Manje ngiyazi ukuthi uSimakade mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, ngoba ukhulule abantu bakhe kwabaseGibhithe, lapho bebebaphethe khona ngokubaqonela.”


Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa, nokuzidla kwabantu kufojiswe; nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.


Kwathi ngesikhathi sokunikela, u-Eliya umphrofethi wasondela, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Abhrahama noka-Isaka noka-Israyeli, namhlanje makwazeke ukuthi Wena unguNkulunkulu kwa-Israyeli, nokuthi mina ngiyinceku yakho, nokuthi ngikwenzile konke lokhu ngezwi lakho.


Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli.


Onkulunkulu balezo zizwe ezabhujiswa ngokhokho bami, iGozani, iHarana, iRezefi, abase-Edene, nabaseThelasari, bakwazi yini ukuzisindisa na?


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”


UJoshuwa wenza kubo njengalokhu uSimakade ayemyalile: wanquma amahhashi abo imisipha, washisa nezinqola zabo ngomlilo.


“Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe; abakhubekayo babhinciswa amandla.


Yayisibalungisela idili, idili elikhulu; badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe baye enkosini yabo. Amaviyo okuphanga ama-Aramu awaphindanga angena kwa-Israyeli.


Izinkemba zabo zizodla bona, neminsalo yabo iphoqozwe.


Uyokwehlulela phakathi kwezizwe, axazulule imibango yezizwe eziningi. Ziyocangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, nemikhonto yazo ibe ngocelemba. Isizwe asiyukuphakamisela esinye inkemba, zingabe zisaviviselwa ukulwa.


usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bheka, ngiyakuwephula umnsalo we-Elamu, isiqalo samandla abo.


Bazokwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengithungela ngomlilo iGibhithe, bacoboshiswe bonke abangumfelandawonye nalo.


ngiwushaye umnsalo osesandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esesandleni sakho sokunene.


Uyakwehlulela izizwe eziningi, akhiphe isinqumo ezizweni ezinamandla ezikude. Ziyakucangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja, imikhonto yazo ibe yiziphundli. Isizwe asisayukuhlasela esinye isizwe ngenkemba, futhi azisayukuqeqeshelwa ukulwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite