Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 45:1 - IsiZulu 2020

1 Inhliziyo yami iyaphuphuma ngenxa yendaba enhle, ngikhuluma ngegama engiliqambe ngenkosi, ulimi lwami lulusiba lobhala ngokushesha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Inhliziyo yami iyachichima ngendaba enhle; ngikhuluma igama engiliqambe ngenkosi; ulimi lwami lulusiba loloba ngokushesha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela ngeSosánnim, kumadodana kaKora, iMasgili, ingoma yothando. Inhliziyo yami inesizathu esihle; ngikhuluma engikwenzile ngenkosi; ulimi lwami lusiba lwendoda umlobi olungile.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 45:1
23 Referans Kwoze  

Umlomo wami uzokhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzokuba ngukuqonda.


Amazwi ami aveza ubuqotho benhliziyo yami, lokho izindebe zami ezikwaziyo, zikukhuluma ngeqiniso.


“UMoya kaNkulunkulu wakhuluma ngami; izwi lakhe lalisolimini lwami.


Inhliziyo yohlakaniphileyo inikeza ukuqonda okujulile kokhulumayo, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.


Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


Mangihlabelele ngothandiweyo wami, isihlabelelo sothandiweyo ngesivini sakhe. Othandiweyo wami wayenesivini egqumeni elivunde kakhulu.


Ngisindise, Nkulunkulu, ngokuba amanzi asesentanyeni.


Masizikhethele thina okulungile, sikubone thina okuhle.


Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKhristu nebandla.


Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala ayethweswe lona, kubhalwe kwathiwa: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA.


Ngesikhathi inkosi isahleli etafuleni layo, inadi lami lathaphuka iphunga lalo.


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


lowo Ezra wasuka eBhabhele waya eJerusalema. Wayengumbhali onekhono emthethweni kaMose ayewunikwe nguSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo, ngokuba isandla sikaSimakade uNkulunkulu wakhe sasinaye.


“INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


Lalela, Malusi ka-Israyeli, Wena ohola uJosefa njengomhlambi. Uhlezi phezu kwamakherubhi, khazimula


Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela Wena Nkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite