Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 44:7 - IsiZulu 2020

7 Kepha nguwe osisindisile ezitheni zethu, wabathela ngehlazo abasizondayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 kepha nguwe owasisindisa ezitheni zethu, wajabhisa abasizondayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa usikhulule ezitheni zethu nakulabo abahlazisa izitha zethu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 44:7
19 Referans Kwoze  

Simakade, Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lwempi.


owasikhulula ezitheni zethu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Izitha zalo ngiyozithela ngehlazo, kepha kuye, umqhele wakhe uyokhazimula.”


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


Nguye opha amakhosi insindiso, osindisa inceku yakhe, uDavide, enkembeni yababi.


Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawubhubhise, abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe.


Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala,


Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.”


Noma yinini lapho uSimakade ebavusela abehluleli, uSimakade wayeba naye umehluleli, futhi wayebakhulula esandleni sezitha zabo ngazo zonke izinsuku zalowo mehluleli, ngokuba uSimakade wayeba nozwelo lapho sebebubula ngenxa yalabo ababebacindezele, bebahlupha.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite