Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 44:4 - IsiZulu 2020

4 Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu, yaleza ukunqoba kukaJakobe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wena Nkulunkulu uyinkosi yami; yaleza ukusindiswa kukaJakobe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu; yala insindiso kaJakobe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 44:4
14 Referans Kwoze  

UNkulunkulu uyiNkosi yami kuze kube phakade, nguye owenza insindiso emhlabeni.


Emini uSimakade uyaleza umusa wakhe, ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima siya ndawonye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala, ngithi kuwe: phuma kuye, ungaphindi futhi ungene kuye.”


Ngokuba isihlangu sethu singesikaSimakade, inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.


UJesu egcwele isihawu, welula isandla sakhe, wamthinta, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.”


Esesondele kuye, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane waphela; wabakhonza.


U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo.


Ngokuba uSimakade ungumehluleli wethu, uSimakade usishayela imithetho, uSimakade uyinkosi yethu; Yena uyokusisindisa.


“Isandla sakho sokunene Simakade siyakhazimula ngamandla, isandla sakho sokunene Simakade sifihlize isitha.


Kepha kwaba ngenxa yokuba uSimakade enithanda, nangokuba wayegcina isifungo ayesenze nokhokho benu. USimakade unikhiphe ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yobugqila nasesandleni sikaFaro, inkosi yaseGibhithe.


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso, izimangaliso, isandla esinamandla nengalo eyeluliweyo, uSimakade uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho. USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza kanjalo kuzo zonke izizwe ozesabayo.


Ngathumela iminyovu phambi kwenu, eyaxosha phambi kwenu amakhosi amabili ama-Amori, kwakungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.


Abantu bakhe ubabonise amandla emisebenzi yakhe, ngokubapha ifa labezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite