Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 44:19 - IsiZulu 2020

19 kodwa usiphahlazele endaweni yezimpungushe, wasemboza ngethunzi lokufa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 uze usiphahlaze endaweni yezimpungushe, usimboze ngethunzi lokufa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Lanxa wawusiphahlaza endaweni yezimpungushe, wasibekela ithunzi lokufa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 44:19
19 Referans Kwoze  

Ngisho noma ngidabula emfundeni emnyama okwethunzi lokufa, angiyukwesaba ngozi, ngokuba Wena unami, intonga yakho nondondolo lwakho kuyangiduduza.


Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse.


“Uyokhuluma leli lizwi kubo, uthi: “ ‘Amehlo ami mawagobhoze izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele kakhulu impela; ukulimala kwayo kuyenze yagula kakhulu.


Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.


Eyesihlanu yathululela isitsha sayo esihlalweni sobukhosi sesilo: umbuso waso waba mnyama, babeziluma izilimu zabo ngenxa yobuhlungu.


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa.


Udrago omkhulu, inyoka endala okuthiwa nguMhlebi noSathane, odukisa umhlaba wonke; waphonswa phansi emhlabeni nezingelosi zakhe ezazinaye.


isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu; nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.”


ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibhithe, silwanekazi sasolwandle, obuthisa emifuleni yakho, uthi: “ ‘ “Umfula ungowami, ngiwenze mina.”


Isihlabathi esishisayo siyophenduka ichibi, umhlabathi owomileyo ube yimithombo yamanzi; ikhaya lezimpungushe liyophenduka ixhaphozi, utshani bube ngumhlanga nekhwani.


Ngalolo lusuku uSimakade uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya, elukhuni nemandla. ULeviyathani yinkanyamba esheshayo, futhi ethandelayo, uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.


Ngintekenteke, futhi ngitubeke kakhulu, ngiyakhala, ngiyaquma ngenxa yeminjunju enhliziyweni yami.


Sengingumfowabo wamakhanka, nomngani wezintshe.


Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite