Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 44:14 - IsiZulu 2020

14 Usenze isaga kwabezizwe, banikina amakhanda phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Usenza isaga kwabezizwe, banikine ikhanda phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Usenza inhlekisa phakathi kwezizwe, ukunikina amakhanda phakathi kwabantu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 44:14
15 Referans Kwoze  

Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


Nami bengingakhuluma njengani, ukuba benisesikhundleni sami, bengingayihlanganisa inkulumo, ngimelane nani, ngininikinele ikhanda.


“Nanti izwi uSimakade alikhulumile ngaye, uthi: “ ‘Ikwedelele, yakuhleka usulu intombi; indodakazi yaseZiyoni, ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.


nanti izwi uSimakade alikhulumile maqondana naye, uthi: “Uyakwedelela, uyakungcofa, ntombi, ndodakazi yaseZiyoni; ukunikinela ikhanda, ndodakazi yaseJerusalema.


Ngibe yisethuko sabo, bangibheka qede banikine amakhanda.


Bonke abangibonayo bayangibhinqa, banginkonkozele, banikine amakhanda,


Ungenze isiga ebantwini, nokhafulelwa ebusweni.


ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona, nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla, isuke phambi kwami, ngiyenze isaga nesifengqo phakathi kwabantu bonke.


ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona, nale ndlu engiyingcwelisele iGama lami ngiyoyichitha phambi kwami, u-Israyeli aphenduke isaga nembuqo phakathi kwabo bonke abantu.


Uyakuba yinto esabisayo, nesiga, nombhinqo phakathi kwezizwe zonke lapho uSimakade eyokunixoshela khona.


Ngase ngithi kubo: “Niyayibona yini inkathazo esikuyo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo, namasango alo ashisiwe na? Wozani, masakhe kabusha ugange ukuze singaphinde sibe yihlazo.”


Sesiphenduke isethuko komakhelwane bethu, umbhinqo nenhlekisa kwabasiphahlileyo.


Sihawukele, Simakade, sihawukele, ngokuba sesikhathele wukwedelelwa.


Izimiso zika-Omri ziyalandelwa, nayo yonke imisebenzi yendlu ka-Ahabi nihambe ngayo, ngokwamacebo abo, ngalokho-ke ngiyakunenza incithakalo, nezakhamuzi into enximfelwayo, niyakuthwala ihlazo labantu bami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite