Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 43:2 - IsiZulu 2020

2 Ngokuba Wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami, ungilahleleni na? Kungani ngihamba ngilila ngenxa yokucindezelwa yisitha na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngokuba wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami; ungilahleleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba wena unguNkulunkulu wamandla ami; ungilahlelani na? ngiyakulilelani ngokucindezelwa kwesitha na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 43:2
17 Referans Kwoze  

Ngizakuthi kuNkulunkulu, iDwala lami: “Ungikhohlweleni na? Ngihambelani ngilila, ngicindezelwe yisitha na?”


USimakade ungamandla ami, nesihlangu sami, inhliziyo yami yethembele kuye, yingakho ngisizakele, inhliziyo yami iyethaba. Ngizomdumisa ngehubo lami.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Ngokuba uSimakade akayukubalahla abantu bakhe, nefa lakhe akayukulishiya.


Nokho usilahlile, wasijabhisa, futhi awusaphumi nezimpi zethu.


Ngiyakubaqinisa kuSimakade; bahambe egameni lakhe,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.


Simakade, Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lwempi.


“Ngabe iNkosi iyokuyekelela kuze kube phakade na? Ayiyukuphinda yini ikwenzele umusa?


Ungangilahli ngesikhathi sobudala, ungangishiyi lapho sengiluphele,


“Wena Solomoni, ndodana yami, mazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangomphefumulo ovumayo, ngokuba uSimakade uhlola zonke izinhliziyo, uqonda zonke izizindlo zemicabango. Uma umfuna, uyakufunyanwa nguye, kodwa uma umshiya uyakukulahla kuze kube phakade.


USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Ngikhiphe ogibeni abangicuphe ngalo, ngokuba Wena uyisiphephelo sami.


Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Kusukela ebusheni bami ngihluphekile, ngaba ngofayo, ngathwala ukwesabeka kwakho, ngaphela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite