Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 42:8 - IsiZulu 2020

8 Emini uSimakade uyaleza umusa wakhe, ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha uJehova uyakuyala umusa wakhe emini, nasebusuku ingoma yakhe ibe nami, nomkhuleko wami kuNkulunkulu wokuphila kwami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 42:8
20 Referans Kwoze  

Abathembekileyo mabathokoze ngokunqoba, mabahlabelele ngentokozo.


lapho ngikukhumbula embhedeni wami, ngizindla ngawe kwesikabhadakazi.


Ngiyakudumisa uSimakade ongelulekayo. Nasebusuku inhliziyo yami iyangiqondisa.


Kepha akekho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMdali wami ovusa ingoma kwesikabhadakazi.


“USimakade uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho, ezinqolobaneni zakho nakukho konke okwenzayo, uyakukubusisa ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.


Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihlwe noKhristu kuNkulunkulu,


Kepha phakathi nobusuku uPawula noSila bekhuleka bedumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zazibalalele.


Kepha induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungangena phansi kophahla lwami, kodwa khipha izwi nje, khona umfana wami uyakusinda.


Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu, yaleza ukunqoba kukaJakobe.


Niyakuhlabelela njengasebusuku lapho kugujwa umkhosi, nithokoze ngenhliziyo njengalokho kuhanjwa kubethwa imitshingo, kuyiwa entabeni kaSimakade, kulo iDwala lika-Israyeli.


Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami, nomoya wami uyahlolisisa.


Uzothumela esezulwini, angisindise. Uyamsola ofuna ukungifihliza. Sela UNkulunkulu uzothumela umusa wakhe neqiniso lakhe.


USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?


Wena uyindawo yami yokubhaca, uyangivikela enkathazweni, ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela


khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngonyaka wesithupha, ukuze uthele ukudla kweminyaka emithathu.


“Amagagasi okufa angihaqa; izikhukhula zobubi zangisibekela.


Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo, ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngivalelwe, angikwazi ukuphuma.


Amanzi ngabe asesisibekele, kwadlula isikhukhula phezu komphefumulo wethu,


Ngase ngithi: ‘Ngixoshiwe ebusweni bakho, nokho ngiyobuye ngilibone ithempeli lakho elingcwele.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite