Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 40:9 - IsiZulu 2020

9 Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu, angizivalanga izindebe zami, Simakade, Wena uyakwazi lokho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizivalanga izindebe zami; Jehova, wena uyakwazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngashumayela ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizibambanga izindebe zami, Jehova, wena uyakwazi.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 40:9
14 Referans Kwoze  

Ukudumisa kwami kuyakuvela kuwe ebandleni elikhulu, izithembiso zami ngiyozifeza phambi kwalabo abamesabayo.


Ngomlomo wami ngimemezele zonke izehlulelo zomlomo wakho.


Ngiyomemezela ngegama lakho kubafowethu, ngikudumise phakathi kwebandla.


ethi: “Ngizakushumayela igama lakho kubafowethu, ngikuhubele phakathi kwebandla,”


Ngizokubonga ebandleni elikhulu, ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.


“Simakade, Nkulunkulu wonkulunkulu! USimakade, uNkulunkulu wonkulunkulu uyazi, no-Israyeli makazi! Uma kungukuhlubuka noma kungukwephula ukholo kuSimakade, ningasiyekeli sisinde namuhla,


UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude.


Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe, izinyathelo zakhe aziyukushelela.


“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite