Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 40:6 - IsiZulu 2020

6 Awuwuthandi umhlatshelo nomnikelo wokudla. Izindlebe zami uzigeqile. Umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandanga; uzivulile izindlebe zami; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwufunanga.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 40:6
19 Referans Kwoze  

“Iyini kimi imihlatshelo yenu eniyenza kaninginingi na?” kusho uSimakade. “Senganele yiminikelo yenu yokushiswa yezinqama, namanoni ezilwane ezikhuluphalisiwe; angithokozi ngegazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimbuzi.


USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo, noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayukuthokoza ngawo.


Ngokuba Mina ngifuna ukwethembeka, hhayi umhlatshelo, nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.


Kodwa ukuba benazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga labo abangenacala.


Impela noma ninganikela kimi ngeminikelo yokushiswa neyokusanhlamvu, ngeke ngiyamukele; ngiyoyishaya indiva iminikelo yenu yokuthula yamathole akhuluphalisiweyo.


Ngakho-ke hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.”


Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


khona uyazivula izindlebe zabantu, abethuse ngezexwayiso zakhe,


Ngenxa yemihlatshelo yakho, angiyukukujezisa, ngokuba iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.


umniniso uyosithatha asilethe kuNkulunkulu, uyosimisa ngasemnyango noma ngasensikeni yomnyango bese umniniso esibhoboza indlebe ngosungulo, sibe yisigqila sakhe impilo yaso yonke.


Yena owenza izinto ezinkulu, ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


Umlomo wami uzolanda ngokulunga kwakho nensindiso yakho usuku lonke, ngokuba anginakukubala.


Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo.


Uma bengiyakuyibala, miningi kunesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.


Wena Simakade unguNkulunkulu wami; ngizokuphakamisa ngilidumise igama lakho, ngokuba wenze izimangaliso ezacetshwa emandulo, ngokwethembeka nangeqiniso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite