Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 4:8 - IsiZulu 2020

8 Ngiyakulala phansi ngokuthula, ngilalise okwengane, ngoba nguWena wedwa, Simakade, ongenza ngihlale ngiphephile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungivumela ukuba ngihlale ngokulondeka.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 4:8
16 Referans Kwoze  

Uma ulala, awuyukwesaba lutho; nalapho usulele, uyoba nobuthongo obumnandi.


Ngabeka uhlangothi phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uSimakade ungisekele.


owasifelayo; ukuba noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.


Kepha niyowela iJordani, nihlale ezweni uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, libe yifa lenu. Uyakuninika ukuphumula ezitheni zenu zonke, nxazonke, futhi niyohlala nilondekile.


Niyobhula kuze kube yisikhathi sokuvuna imivini, nivune imivini kuze kube yisikhathi sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, futhi niyohlala ezweni lakini nivikelekile.


Ngalolo lusuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nokuhuquzelayo emhlabathini. Ngiyakunqamula umnsalo, inkemba nempi ezweni, ngibalalise phansi bephephile.


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: “Loba ukuthi: babusisiwe abafileyo abafele eNkosini, kusukela manje.” “Yebo,” kusho uMoya, “ukuze baphumule emisebenzini yabo, ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela.”


“ ‘ “Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.


Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho.


Abantu ababehamba ebumnyameni, babonile ukukhanya okukhulu. Labo abahlala ezweni elimnyama bhuqe, ukukhanya kuyakubakhanyisela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite