Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 4:2 - IsiZulu 2020

2 Madodana abantu, kuyoze kube nini nithunaza isithunzi sami na? Kuyoze kube nini nithanda okuyize, nifuna okungamanga na? Sela

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Madodana abantu, koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 O bantwana babantu, koze kube nini inkazimulo yami ihlazekile? Koze kube nini nithanda okuyize nifuna inkokhelo na? Sela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 4:2
29 Referans Kwoze  

“Kuyoze kube nini ziwula ndini nithanda ubuwula, nani zedeleli, nithokoziswa ngukweyisa, nani ziwula nizonda ulwazi na?


Njengoba banda nje, kanjalo kuyanda nokona kwabo kimi. Ngiyakuguqula ukuhlonishwa kwabo kube yihlazo.


Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


Isizwe sake sabalahla yini onkulunkulu baso, noma bengesibo onkulunkulu na? Kepha isizwe sami silulahlile udumo lwaso ngokungenanzuzo.


Baguqula inkazimulo kaNkulunkulu, bayifanisa nenkabi edla utshani.


Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga; uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi.


Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye.


Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.


Yebo, ningaphambuki nilandele izinto eziyize ezingenakunisiza nezingeke zanikhulula, ngokuba ziyize.


Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo.


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


Akekho omemeza ngokulunga, akekho nowehlulela ngeqiniso; bethembela kokuyize, bakhuluma amanga; bakhulelwe ububi, bazala inkohlakalo.


Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade, ngokusindiswa okuphakade; aniyukujabha, aniyukuba namahloni kuze kube phakade.


Bayophela amandla, babe namahloni ngeKhushe, ithemba labo, nangeGibhithe abazigabisa ngalo.


Kepha inkosi izothokoza ngoNkulunkulu, bonke abafunga Yena bayomdumisa, ngokuba imilomo yabakhuluma amanga izovalwa.


Ababi bahlubuka kwasesibelethweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.


Kungabe impela nikhuluma ukulunga nobuqotho na? Madodana abantu, ngabe nehlulela ngobuqotho na?


Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.


Ngiyabazonda labo abakhonza onkulunkulu abayize, kodwa mina ngethembele kuSimakade.


Niyaliphambanisa icebo lohluphekileyo, kodwa uSimakade uyisiphephelo sakhe.


Kungani abezizwe benza ugobe, nabantu beceba okuyize na?


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


Iyokwehlulela isizwe sakho ngeqiniso, nabampofu bakho, ngobulungiswa.


USimakade wayesekhuluma kuMose, wathi: “Kuyoze kube nini laba bantu bengedelela na? Kuyoze kube nini bengakholwa yimi nayizibonakaliso zonke engizenze phakathi kwabo na?


UMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu wamaHebheru uthi: ‘Kuyoze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Vumela abantu bami ukuba bahambe, ukuze bayongikhonza.


ukuba kube njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Ozibongayo makazibonge eNkosini.”


Usho kanje uSimakade, uthi: “Bubi buni oyihlo ababufumana kimi, ukuba baze badede babe kude nami, balandele okuyize, baphenduke ize nabo na?


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


NabaJuda bakuvuma lokho, bathi kunjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite