Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 4:1 - IsiZulu 2020

1 Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu ongukulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo ebanzi; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngiphendule ekukhaleni kwami, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kumholi wokuhlabelela ngeNeginoti. Ihubo likaDavide. Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ngihawukele, uzwe umkhuleko wami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 4:1
35 Referans Kwoze  

Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.


Bheka ngakimi, ube nomusa kimi njengoba wenza kwabathanda iGama lakho.


Bheka ngakimi, ube nomusa kimi, ngokuba ngiyinhlwa, futhi ngiyahlushwa.


Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.


Ngiyakukhala kuwe, ngokuba uyongiphendula, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi, uzwe engikukhulumayo.


USimakade iNkosi, ungamandla ami, wenza izinyawo zami zibe njengezendluzela, enze ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo. Kumholi wokuhlabelelisa ngohabhu lwami.


Kuyothiwa ngami: ‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ” Bonke ababemthukuthelele bayakufika kuye, bajabhe.


Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngihawukele. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe. Ngizokhosela emthunzini wamaphiko akho, zize zedlule izinhlekelele.


Inhliziyo yami iyaphuphuma ngenxa yendaba enhle, ngikhuluma ngegama engiliqambe ngenkosi, ulimi lwami lulusiba lobhala ngokushesha.


Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Ukude namazwi okububula kwami nokusindiswa kwami.


UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.”


Bazalwane, asithandi ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sabhekana nobunzima obungaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.


UNkulunkulu makabe nomusa kithi, asibusise, makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela


Njengendluzele ilangazelela amanzi emifula, kanjalo umphefumulo wami ulangazelela Wena Nkulunkulu.


awunginikelanga esandleni sesitha, wazimisa izinyawo zami endaweni ebanzi.


Uyofumana isibusiso kuSimakade, nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.


Ngokuba uSimakade ulungile, uyazithanda izenzo ezilungileyo; abaqotho bayakububona ubuso bakhe.


Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.


USimakade uyamvikela ongenakuzisiza; lapho ngithotshisiwe, Yena wangisindisa.


Nkulunkulu, yiba nomusa kimi, ngokuba abantu bafuna ukungenzakalisa. Bangilwisa usuku lonke, bayangicindezela.


Mina uyakungigcina ngiqotho, ungihlalise ebukhoneni bakho kuze kube phakade.


Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.


“Impela uyakukukhulula osizini, akubeke endaweni ebanzi, lapho kungekho ukunyinyeka khona, kubekwe okunonile etafuleni lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite