Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 39:5 - IsiZulu 2020

5 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla, imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe, impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Bheka, wenzé izinsuku zami zaba njengobubanzi besandla; futhi iminyaka yami ayilutho phambi kwakho; impela, wonke umuntu ngokungcono kwakhe uyize. Sela.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 39:5
17 Referans Kwoze  

Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani, nokuthi bonke abantwana babantu wabadalela ize.


Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.


Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.


Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.


Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela


“Imihla yami iyashesha kunesaluko, iphela ingenathemba.


Zonke izizwe ziyinto engelutho phambi kwakhe, uzithatha njengento engelutho neyize.


“Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!”


UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”


Bathandekayo, nize ningakhohlwa yilokhu okukodwa qwaba, ukuthi usuku lunye eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.


Wayesethi uBharizilayi enkosini: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuphila kwami ukuba ngingenyukela eJerusalema nenkosi na?


Nkosi, sifundise ukubala kahle izinsuku zethu, ukuze sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite