Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 39:13 - IsiZulu 2020

13 Yeka ukungigqolozela, ukuze ngibuye ngimamatheke, ngaphambi kokuba ngemuke, ngingabe ngisaba khona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike, ngingakamuki lapha, ngingabe ngisabakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngiyekeleni, ukuze ngithole amandla ngaphambi kokuba ngisuke lapha, ngingabe ngisaba khona.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 39:13
12 Referans Kwoze  

Kuyoze kube nini ungawasusi amehlo akho kimi na? Ngiyeke ngize ngigwinye isikhwehlela sami.


Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Niyangephuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, manje senifuna ukuthatha noBhenjamini; konke lokhu kungaphezu kwamandla ami.”


U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.


UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”


“ ‘Izwe aniyukulithengisa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi abagogobeleyo nami.


“Simakade, ngiyakuncenga, ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso, nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle phambi kwakho.” UHezekiya wadazuluka wakhala kakhulu.


Ngokuba singabafokazi phambi kwakho, nezihambi njengabo bonke okhokho bethu; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, nethemba alikho.


Umhlaba wazamazama, wathuthumela, izisekelo zezintaba zanyakaza, zashukumela emuva naphambili, wavutha.


Ngingumfokazi emhlabeni, ungangifihleli imiyalo yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite