Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 37:40 - IsiZulu 2020

40 USimakade uyobasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 UJehova uyabasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Futhi uJehova uyobasiza futhi abasindise; Uyobasindisa kwababi futhi abasindise, ngoba bethembele kuye.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 37:40
13 Referans Kwoze  

Njengezinyoni ezindiza phezu kwamakhanda, kanjalo uSimakade Wamabandla uyolivikela iJerusalema, uyolivikela, alisindise, adlule phezu kwalo, alikhulule.”


Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.


Inkosi yajabula kakhulu, yayala ukuba uDaniyeli akhushulwe emphandwini. UDaniyeli wayesekhushulwa kuwo, akutholakalanga myocu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.


UNebukhadinezari wakhuluma, wathi: “Makabongwe uNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego, othumele ingelosi yakhe, wakhulula izinceku zakhe ebezimethemba, zanikela imizimba yazo ukuba zingakhonzi, zingakhuleki nakoyedwa unkulunkulu, kuphela uNkulunkulu wazo, zalishaya indiva izwi lenkosi.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Niyoze niguge nginguye, yebo, niyoze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu, futhi ngiyakunetshatha, yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.


Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.


Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi.


Yima ngomumo, Simakade, ubhekane nazo, ziqumbe phansi. Sindisa umphefumulo wami ngenkemba yakho,


Uvikela wonke amathambo akhe, akuyukwaphulwa nalinye kuwo.


Ungasho uthi: “Ngiyakuphindisela okubi;” lindela uSimakade, uyakukusindisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite