Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 37:39 - IsiZulu 2020

39 Insindiso yabalungileyo ivela kuSimakade, uyinqaba yabo ngesikhathi senhlupheko.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kepha ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; Uyinqaba yabo ngesikhathi sokuhlupheka.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 37:39
20 Referans Kwoze  

USimakade uyinqaba kocindezelweyo, uyinqaba ngesikhathi sokuhlupheka.


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; lokhu akuveli kini, kodwa kuyisipho sikaNkulunkulu,


niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula,


Kepha mina ngiyakuletha umhlatshelo, ngihuba amahubo okudumisa, ngiyakufeza izithembiso zami, ngokuba insindiso ivela kuSimakade.”


Simakade, yiba nomusa kithi, thina sikulindile Wena. Yiba yingalo yethu enamandla njalo ekuseni, nomhlengi wethu, ngesikhathi sokuhlupheka.


Ngesikhathi ethola usizo lokulwa nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababenawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngoba ayemethemba.


USimakade wamsindisa kanjalo uHezekiya nezakhamuzi zaseJerusalema esandleni sikaSenaheribhi, inkosi yase-Asiriya, nasesandleni sabo bonke abanye, wabahola nxazonke.


Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo.


USimakade ungamandla ami, nesihlangu sami, inhliziyo yami yethembele kuye, yingakho ngisizakele, inhliziyo yami iyethaba. Ngizomdumisa ngehubo lami.


Uvikela wonke amathambo akhe, akuyukwaphulwa nalinye kuwo.


Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,


NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.


Olungileyo uyakhululwa osizini, kodwa esikhundleni sakhe kungena isikhohlakali.


Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayukukwahlula, ngokuba Mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” kusho uSimakade.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite