Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 37:34 - IsiZulu 2020

34 Lindela uSimakade, ugcine indlela yakhe, Yena uzokuphakamisa udle ifa lomhlaba, uyobona lapho sebebhujiswa ababi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Lindelani uJehova, nimgcine; uyakunivusa ukuba nidle ifa lezwe; lapho ababi benqunywa, uyakukubona.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 37:34
23 Referans Kwoze  

Lindela uSimakade, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.


Ungasho uthi: “Ngiyakuphindisela okubi;” lindela uSimakade, uyakukusindisa.


Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba.


Kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni, nguyena oyakusindiswa.


Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi.


Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,


Ngokuba bonke abaziphakamisayo bayakuthotshiswa; nozithobayo uyakuphakanyiswa.”


Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.


Uyobona ngamehlo akho, ubone izikhohlakali zijeziswa.


Thembela kuSimakade, wenze okuhle, ukuze uhlale ezweni, uzondle ngokukholeka;


Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,


Ubapha ngesihle abantulayo, ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade, amandla akhe ayophakama ngodumo.


Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”


Uyophumelela njalo, nezizukulwane zakhe ziyoba yizindlalifa zezwe.


Olungileyo uhluma njengesundu, akhule njengomsedari eLebhanoni.


Inhliziyo yakhe yesekelwe, akesabi, aze abone izitha zakhe zinqotshwa.


Lapho zanda izikhohlakali, kwanda iziphambeko, kepha abalungileyo bayakubona ukuwa kwazo.


Lapho ukhala, iqoqo lezithombe zakho malikusindise phela; nokho umoya uzoziphephula zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa lowo ofuna ukuphephela kimi, uyakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite