Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 37:25 - IsiZulu 2020

25 Kade ngimusha, manje sengimdala, kodwa angikaze ngimbone olungileyo eshiyiwe, nozalo lwakhe luyizinxibi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngangimusha, manje sengimdala; kepha angizange ngibone olungileyo eshiyiwe, nenzalo yakhe iphanza ukudla.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 37:25
22 Referans Kwoze  

Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,”


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


Abozalo lwakhe bayakuba namandla emhlabeni, isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.


Uyophumelela njalo, nezizukulwane zakhe ziyoba yizindlalifa zezwe.


USimakade akayukubashiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwaba kuhle kuSimakade ukuba azenzele nina nibe ngabantu bakhe.


Siyahlushwa, kepha asilahlwa; siqunjwa phansi, kodwa asibhujiswa.


Ngokuba uSimakade akayukubalahla abantu bakhe, nefa lakhe akayukulishiya.


Nalapho sengimdala, sengiyimpunga, uze ungangishiyi, ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa, namandla akho ezizukulwaneni.


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.


Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa, kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.


Ungangilahli ngesikhathi sobudala, ungangishiyi lapho sengiluphele,


Abanye babafundi baseKhesariya bahamba nathi, basiyisa kuMnasoni othile waseKhuphro, umfundi omdala, esangenisa kwakhe.


Uhamba ezulazula, efuna ukudla, athi: kuphi na? Uyazi ukuthi usuku lobumnyama selusesandleni sakhe.


Abantwana babo bayophohlozwa bebuka, izindlu zabo ziphangwe, omkabo badlwengulwe.


Zehla zenyuka zifuna ukudla; uma zingasuthi, ziyagwavuma.


Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze, bacele bekude nezindawo zabo eseziyincithakalo.


Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wabhujiswa engenacala na? Babhujiswa kuphi abalungileyo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite