Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 37:22 - IsiZulu 2020

22 Ababusisileyo bazodla ifa lomhlaba; abaqalekisileyo babhubhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba, kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba ababusisiweyo nguye bayakudla ifa lomhlaba; lalabo abaqalekisiweyo nguye bazaqunywa.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 37:22
18 Referans Kwoze  

Isiqalekiso sikaSimakade sisendlini yezikhohlakali, kodwa uyalibusisa ikhaya labalungileyo.


Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu!


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba.


Ngokuba bonke abayeme emisebenzini yomthetho, baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangabambeleli, bakwenze konke njalo okulotshwe encwadini yomthetho.”


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe.


Uyabakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo, abaduka emiyalweni yakho.


Manibe ngababusisiweyo bakaSimakade, uMdali wezulu nomhlaba.


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


USimakade uyazazi izinsuku zabamsulwa, ifa labo liyokuma kuze kube phakade.


Kepha abathobekileyo bazokudla ifa lezwe, bathokozele ukuthula okukhulu.


Ubusisiwe umuntu osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sesuliwe.


Ngisibonile isiwula sisimama siba nezimpande, ngase ngiqalekisa indlu yaso ngokuphazima kweso.


Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”


Uyophumelela njalo, nezizukulwane zakhe ziyoba yizindlalifa zezwe.


Lapho ukhala, iqoqo lezithombe zakho malikusindise phela; nokho umoya uzoziphephula zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa lowo ofuna ukuphephela kimi, uyakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite