Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 37:15 - IsiZulu 2020

15 Izinkemba zabo zizodla bona, neminsalo yabo iphoqozwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo, iminsalo yabo yaphulwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Inkemba yabo iyongena kweyabo inhliziyo, neminsalo yabo yaphulwe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 37:15
18 Referans Kwoze  

Mabehlelwe yinhlekelele bengazelele, ugibe abangigodlele lona kukhalakathele bona kulo, babhujiswe.


Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiwuphule umnsalo ka-Israyeli esigodini eJizreyeli.”


Ngokuba umbhubhisi uselithelekele, uhlasele iBhabhele, kuthunjwa amabutho alo, neminsalo yawo iyaphoqozwa, ngokuba uSimakade unguNkulunkulu wemivuzo, uphindisela ngokupheleleyo.


Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Kuthe lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, wabuyela ekhaya, emzini wakhe. Wafika khona wahlela izindaba zomuzi wakhe, wayesezilengisa, wafa, wangcwatshwa ethuneni likayise.


Ngalolo lusuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nokuhuquzelayo emhlabathini. Ngiyakunqamula umnsalo, inkemba nempi ezweni, ngibalalise phansi bephephile.


Kwathi esakhuleka endlini kaNishirokhi, unkulunkulu wakhe, amadodana akhe, o-Adiramelekhi noSarezeri, bambulala ngenkemba, base bebalekela e-Ararathi. U-Esarihadoni, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa abangasokile bafike bangigwaze, bangijivaze.” Kepha udibi lwakhe lwenqaba, ngoba lwesaba kakhulu. USawule wayesethatha inkemba yakhe, waziphonsa phezu kwayo.


“Iminsalo yamaqhawe yaphuliwe; abakhubekayo babhinciswa amandla.


Bayakubusa i-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ngezintuba zalo, Uyakusihlenga e-Asiriya, lapho litheleka ezweni lethu, nalapho linyathela emingceleni yethu.


AbaJuda ababehlala ezifundazweni zenkosi bahlangana, bazivikela, bakhululeka ezitheni zabo, babulala amadoda ayizi-75 000, kodwa abathatha mpango.


Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu.


USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe, akekho ophephela kuye oyojeza.


Thulani, niqonde ukuthi Mina nginguNkulunkulu, ngiyakuphakama kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite