Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 36:7 - IsiZulu 2020

7 Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Yeka ubukhulu bomusa wakho, Nkulunkulu! ngalokho abantwana babantu babeka ithemba labo ethunzini lamaphiko akho.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 36:7
19 Referans Kwoze  

Wena, Nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.


uyokusibekela ngezimpaphe zakhe, uphephele phansi kwamaphiko akhe, ukwethembeka kwakhe kuyisihlangu nogange.


Sengathi uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuzokhosela phansi kwamaphiko akhe angakubusisa ngakho konke okwenzileyo, akuphe umvuzo opheleleyo.”


Ake nibheke uthando olungaka asinike lona uBaba, ukuba kuthiwe singabantwana bakaNkulunkulu, futhi siyibo. Nokho izwe alisazi, ngokuba naye alimazanga.


Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo.


Yeka ubukhulu bomusa wakho, owulondele labo abakwesabayo, owenzele labo ababalekela kuwe phambi kwabantu.


Ngivikele njengenhlamvu yeso, ungifihle emthunzini wamaphiko akho,


USimakade wadlula phambi kwakhe, wamemezela wathi: “USimakade! USimakade! UNkulunkulu onesihe nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene nokwethembeka,


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, unomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokwethembeka.


Wena ungisizile, ngizokwethaba emthunzini wamaphiko akho.


aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni.


Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngihawukele. Ngokuba umphefumulo wami uphephela kuwe. Ngizokhosela emthunzini wamaphiko akho, zize zedlule izinhlekelele.


“Jerusalema! Jerusalema! Wena obulala abaphrofethi, ukhande ngamatshe labo abathunyelwe kuwe, kukaningi ngilangazelela ukuqoqa abantu bakho njengesikhukhukazi sikhoselise amachwane aso phansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga.


USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.


Nkulunkulu, ukulunga kwakho kufinyelela ezulwini, Wena owenza izinto ezinkulu. Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite