Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 35:4 - IsiZulu 2020

4 Mabajabhe, balulazeke abazingela ukuphila kwami. Mababuyiselwe emuva benxothozela abaceba okubi ngami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami; mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Labo abafuna umphefumulo wami mabejabhe, babe namahloni;

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 35:4
15 Referans Kwoze  

Kepha ngiboneni na? Bayathuthumela, babuyela emuva. Amaqhawe abo ayakunqotshwa, ayabaleka nokubaleka, awasabheki emuva; kukhona ukwesaba nxazonke,” kusho uSimakade.


Abaqamekela ukuphila kwami bayangicupha, abafuna ukungenzakalisa bakhuluma kabi ngami, bazindla okubi ngami usuku lonke.


Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.


Mabajabhiswe, babuyiselwe emuva bonke abazonda iZiyoni.


Usuku lonke ulimi lwami luzokhuluma ngokulunga, ngokuba labo abafuna ukungenzakalisa bazothelwa ngehlazo, baphoxeke.


Hlolani, nizazi zonke izindawo lapho ecasha khona, bese nibuya nize kimi nodaba olunesiqiniseko. Mina ngizohamba nani, uma esezweni, ngiyomfuna phakathi kwezinkulungwane zabakwaJuda.”


UJesu eseshilo kubo wathi: “YiMina,” base behlehla nyovane, bafumbeka phansi.


Nina ningihlambalazile kubantu bami, ngoba nifuna inkeshezana yebhali nezingcezwana zesinkwa. Nibulale labo obekungafanele bafe, nalondoloza labo ebebengezukuphila, lapho nikhuluma amanga kubantu bami abawalalelile.”


ukufutheka kolaka lwakho ngami, nokuzidla kwakho sekufinyelele ezindlebeni zami; ngizofaka ingwegwe yami emakhaleni akho, netomu lami emlonyeni wakho; ngikubuyisele emuva ngendlela oweza ngayo.


Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, ngokuba abantu bakwa-Israyeli basilahlile isivumelwano sakho, badilize ama-althare akho, babulala abaphrofethi bakho ngenkemba; sekusele mina ngedwa, sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”


Kwathi sekusile, bonke abaphristi abakhulu namalunga esizwe bahlangana, bakha itulo lokumbulala uJesu.


bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguSimakade, ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite