Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 35:13 - IsiZulu 2020

13 Kepha mina ngesikhathi begula, ngangembethe ingubo eyisaka, ngazihlupha ngokuzila ukudla, ngakhuleka ngigobodisile, ngaqinisela ekubakhulekeleni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila; umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla; umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kepha mina, ekuguleni kwabo, ingubo yami yayibomvu; Ngawuthobisa umphefumulo wami ngokuzila ukudla; umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 35:13
13 Referans Kwoze  

Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zinzima na? Umphefumulo wami awubahawukelanga yini abampofu na?


Uma lelo khaya lifanele, ukuthula kwenu makube phezu kwalo, kodwa uma lingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini.


Kepha Mina ngithi kini: thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo


Luyisabatha lokuphumula okuphelele kini, niyozithiba; lokho kuyisimiso esiphakade.


Uma kukhona lapho umuntu wokuthula, ukuthula kwenu kuyakuhlala phezu kwakhe, kepha uma kungenjalo, kuyakubuyela kini.


Ngabe yikhona kuzila lokhu engikukhethileyo na? Ngabe wusuku lokuba umuntu athobise umphefumulo na? Ngabe kungukuba agebise ikhanda lakhe njengomhlanga, alale endwangwini eyisaka nasemlotheni na? Ngabe yikho lokhu yini enikubiza ngokuzila, nosuku olwemukelekileyo kuSimakade na?


Bathi: ‘Sikuzileleni ukudla, ngoba awuboni na?’ ‘Sizithobeleni, ngoba awusinaki na?’ “Bhekani, ngosuku enizila ngalo, nenza enikuthandayo, nicindezele zonke izisebenzi zenu.


Lokhu kuyokuba yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa, ngolweshumi lwenyanga, niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningenzi msebenzi, owolibo nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.


Abahlezi esangweni bakhuluma ngami, izidakwa zihaya ingoma ngami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite