Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 35:10 - IsiZulu 2020

10 Amathambo ami wonke athi: “Simakade, ngubani onjengawe, Wena ukhulula abantekenteke kulabo abanamandla kunabo; ohluphekayo nontulayo, kulowo omphangayo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Onke amathambo ami azakuthi: “Jehova, ngubani onjengawe, wena okhulula ohluphekayo, yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Onke amathambo ami ayakuthi: “Jehova, ngubani onjengawe, osindisa ompofu konamandla kunaye, yebo, ompofu nompofu komphangiyo na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 35:10
31 Referans Kwoze  

Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu.


“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?


Ngokuba umi kwesokunene sontulayo, ukuze amsindise kulabo abasongela umphefumulo wakhe.


Phakathi kwabo bonke onkulunkulu, akekho onjengawe, Nkosi, akukho okunjengemisebenzi yakho.


Nkulunkulu, ukulunga kwakho kufinyelela ezulwini, Wena owenza izinto ezinkulu. Nkulunkulu, ngubani onjengawe na?


Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.


Wangisindisa ezitheni zami ezinamandla; bezinamandla kunami, kodwa Yena wangihlenga.


Akukho ukuphila emzimbeni wami, ngenxa yentukuthelo yakho; amathambo ami awanampilo, ngenxa yesono sami.


Uvikela wonke amathambo akhe, akuyukwaphulwa nalinye kuwo.


Ngenkathi ngithule, amathambo ami awohloka ngenxa yokububula usuku lonke.


Ngichithiwe njengamanzi; kuxega wonke amalungu ami. Inhliziyo yami incibilika njengengcina ezibilini zami.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


“Ngubani eningamfanisa nami neningangilinganisa naye na?” kusho oNgcwele.


Ningamfanisa nobani uNkulunkulu na? Ningamqhathanisa namuphi umfanekiso na?


Izinsuku zami ziphele njengomusi, namathambo asha njengezinkuni.


Ngokuba uSimakade uyabezwa abentulayo, akabadeleli abakhe ababoshiweyo.


Ababi bahosha inkemba, bansale iminsalo yabo ukuze baqumbe phansi abampofu nabantulayo, babulale ohamba ngokulunga.


Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.


ngokuba akamedelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohlushwayo. Akamfihlelanga ubuso bakhe, kodwa wamuzwa ngesikhathi enxusa.


Ngubani ongayukukwesaba Nkosi yezizwe na? Ngokuba kuyimfanelo yakho, akekho onjengawe phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe, nakuyo yonke imibuso yabo; akekho onjengawe.


Wangisindisa esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba babenamandla amakhulu kunami.


Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.


USimakade ubenzela bonke abacindezelweyo ukulunga nobulungiswa.


Impela abalungileyo bayolibonga iGama lakho; abaqotho bayohlala phambi kwakho.


Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.


Hlabelelani kuSimakade, mdumiseni uSimakade, ngokuba uwuhlengile umphefumulo wompofu esandleni sababi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite