Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:19 - IsiZulu 2020

19 Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uSimakade uyamkhulula kuzo zonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Izinhlupheko zolungileyo ziningi, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:19
24 Referans Kwoze  

USimakade uyakuzwa ukunxusa kwabalungileyo, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo.


Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”


Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.


Ngamfuna uSimakade, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.


ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.


Uyokuhlenga ezinhluphekweni eziyisithupha, yebo, nakweziyisikhombisa awuyukuthintwa wububi.


Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.


USimakade wayibusisa kanjalo-ke ingxenye yokugcina yezinsuku zikaJobe, ukwedlula isikhathi sakhe sokuqala: waba nezimvu eziyizi-14 000, amakameli ayizi-6 000, izinkabi ezingamabhangqa eziyinkulungwane nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


U-Elimelekhi, umyeni kaNawomi, wafela lapho; uNawomi wasala namadodana akhe amabili.


Khona uzojabulela iminikelo yokulunga engeyokushiswa naleyo eshiswa yonke, banikele nangezinkunzi phezu kwe-althare lakho.


Welapha abanhliziyo zephukile, abophe izilonda zabo.


Mfuneni uSimakade esenokutholwa, nimbize eseseduze.


Usho kanje ophezulu nophakemeyo, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, nakulowo onomoya odabukileyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo, nokuphilisa izinhliziyo zabazisolayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite