Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:14 - IsiZulu 2020

14 Gwema okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphokophelele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Deda ebubini wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphishekele.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:14
26 Referans Kwoze  

Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade.


Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.


Akugweme okubi, enze okuhle, afune ukuthula, akuphokophelele,


Mzalwane, ungalokothi ulandele okubi, kodwa ulandele okuhle kuphela. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kodwa owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.


Ungazishayi ohlakaniphileyo emehlweni akho; mesabe uSimakade, uqhele ebubini.


Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke.


Uthando malungabi nakuzenzisa; nyanyani okubi, nibambelele kokuhle.


Ngalokho-ke masiphokophelele lezo zinto eziletha ukuthula nokwakhana.


Elokugcina bazalwane, thokozani, nihlumeleleke, nigqugquzeleke, nibe namqondo munye, futhi nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.


Nikhuthalele ukuhlala ngokuthula, ninake izindaba zenu, nisebenze ngezandla zenu, njengalokhu saniyala,


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza, kodwa ungukulunga, ukuthula, nokuthokoza kuMoya oNgcwele;


Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi. Ukuzikhukhumeza, ukuzidla, indlela embi, nomlomo ophoxayo, ngiyakuzonda.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”


Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa ngabantwana bakaNkulunkulu.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.


Mina ngingowokuthula, kodwa uma ngikhuluma, bayalwa.


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


Ningakhohlwa ukwenza okuhle nokwabelana, ngokuba uNkulunkulu uyathokoza ngeminikelo enjalo.


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Bengizithulele, ngingasho lutho, ukuthula akungisizanga, inhlupheko yaya ngokuya ikhula.


Qhela ekukhulumeni okugwegwile, dedisela kude nawe izindebe ezonakele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite