Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:12 - IsiZulu 2020

12 Ngubani ofisa ukuphila, othanda izinsuku eziningi zokuthokozela okuhle na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngubani lo othanda ukuphila, othanda izinsuku eziningi ukuba abone okuhle, na?

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:12
16 Referans Kwoze  

umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kuwe nobude bezinsuku zakho, uyohlala ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uyakubanika lona.”


ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.


Ngiyomsuthisa ngobude bezinsuku zokuphila, ngimbonise insindiso yami.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya, iso lami aliyukubuye likubone okuhle.


Nasi isiphetho sendaba, lapho konke sekuzwakele: mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalelo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.


Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo.


Yacela kuwe ukuphila, wayipha khona; yaphila izinsuku eziningi, kwaze kwaba ingunaphakade.


“Hlanganani, nilalele madodana kaJakobe, lalelani uyihlo u-Israyeli.


Yebo, mangingakwenzi mina ukuba ngone kuSimakade ngiyeke ukunikhulula; ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.


Uma ungenawo, ngilalele, thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”


Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.


Ngakho-ke bantwana, ngizweni, nilalele amazwi aphuma emlonyeni wami.


“Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uSimakade, nokumazi oNgcwele kungukuqonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite