Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 34:11 - IsiZulu 2020

11 Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wozani, bantwana, ningilalele, nginifundise ukumesaba uJehova.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 34:11
20 Referans Kwoze  

Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.


Ukumesaba uSimakade kungukuqala kokuhlakanipha, banengqondo ehluzekile bonke abenza lokho. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


Ngizokubonisa, futhi ngikufundise indlela ozohamba ngayo; ngizobeka iso lami kuwe, ngikweluleke.


“Ngubani ayomfundisa ukwazi, umbiko uyowuchazela bani na? Laba abalunyulwe ebeleni, bayekiswa ukuncela ubisi na?


Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana.


Ngakho-ke bantwana, ngizweni, nilalele amazwi aphuma emlonyeni wami.


Yizwani madodana ami, ukuyala kukayihlo, nilalelelisise, ukuze nazi ukuqonda.


We nina nonke enesaba uNkulunkulu, wozani nilalele, nginilandise ngalokho angenzele khona.


Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile angasuki kuyo.


nokuthi kwasebuntwaneni wayazi imibhalo engcwele, enamandla okuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKhristu uJesu.


“Ngakho-ke bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.


Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.


“Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, njengokuba ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona,nina anikwazi ukuza khona. Ngisho lokho nakini manje.


Ibhubesi elinamandla liyafa ngenxa yokweswela impango, amawundlu ebhubesi ayahlakazeka.


USimakade ungumelusi wami, angiyukuswela.


Ngokuba Yena usuthise umphefumulo olangazelelayo, nenhliziyo elambileyo wayigcwalisa ngokuhle.


Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe, ukulunga kwakhe kumi phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite