Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 33:7 - IsiZulu 2020

7 Uqoqela ndawonye amanzi olwandle kube sengathi asembizeni, utwa uluqoqela ezinqolobaneni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba; uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uyabutha amanzi olwandle njengenqwaba; Ugcina ukujula ezinqolobaneni.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 33:7
11 Referans Kwoze  

amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.


Ngokufutha kwamakhala akho amanzi ema aba yinqwaba, izikhukhula zaphakama njengendunduma, utwa lwashuba enhliziyweni yolwandle.


Kuyothi lapho amathe ezinyawo zabaphristi abathwele umphongolo kaSimakade, iNkosi yomhlaba wonke, ethinta amanzi eJordani, amanzi eJordani ageleza evela enhla ayokuma, ayokuma abe yintaba.”


Unyathela ulwandle ngamahhashi akho, amanzi amaningi agubhayo.


Aningesabi yini?” kusho uSimakade. “Anithuthumeli yini phambi kwami? Mina engibeke isihlabathi saba ngumkhawulo wolwandle, umngcele ophakade olungenakudlula kuwo na? Noma lungagubha amagagasi, alunakuwehlula, noma lungaduma, alunakuweqa.


lapho emisela ulwandle umkhawulo, ukuze amanzi angeqi umyalo wakhe; lapho emisa izisekelo zomhlaba,


Udweba isiyingelezi phezu kwamanzi, sibe ngumngcele phakathi kokukhanya nobumnyama.


Wehlukanisa ulwandle, wabadabulisa kulo, amanzi wawamisa anjengodonga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite