Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 33:6 - IsiZulu 2020

6 Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade, kwadalwa amazulu namabandla wonke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngezwi likaJehova izulu lenziwa; nalo lonke ibandla lawo ngomoya womlomo wakhe.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 33:6
18 Referans Kwoze  

Ngokukholwa, siqonda ukuthi umhlaba wadalwa ngezwi likaNkulunkulu, kwaze kwathi kulokho okungabonakaliyo kwavela okubonakalayo.


Ngokuba benza sengathi kufihlekile kubo ukuthi izulu lalikhona kwasemandulo, kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, kwadalwa ngezwi likaNkulunkulu,


UMoya kaNkulunkulu ungenzile, nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila.


Kwase kuyapheleliswa ukudalwa kwezulu nomhlaba nakho konke okukukho.


USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.


Esekushilo lokho, wabaphephetha, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele.


UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, ozokwehlukanisa amanzi kwamanye.”


Ngomoya wakhe amazulu ayakhazimuliswa; isandla sakhe sabhokoda inkanyamba eshwibekayo.


“Ngizobashaya ngibaqothule ebusweni bomhlaba abantu engibadalileyo. Abantu nezilwane, izilwane ezihuquzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngikudaleleni.”


Baguqula iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga, badumisa futhi bakhonza okudaliweyo kunoMdali odumisekayo kuze kube phakade. Amen.


Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba.


Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite