Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AmaHubo 33:17 - IsiZulu 2020

17 Ihhashi lempi liyize ekunqobeni, alisindisi ngamandla alo amakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ihhashi liyize ekusindiseni, alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ihhashi liyize ekuphepheni, futhi ngamandla alo amakhulu ngeke asindise muntu.

Gade chapit la Kopi




AmaHubo 33:17
12 Referans Kwoze  

Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukunqoba kungokukaSimakade.


Abanye bagabe ngezinqola zempi, abanye ngamahhashi, kodwa thina sethembele egameni likaSimakade uNkulunkulu wethu.


Akathokozi ngamandla ehhashi, akajatshuliswa yijubane lomuntu.


I-Asiriya aliyukusisindisa, ngeke siwagibele amahhashi, asisayukusho futhi kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi onkulunkulu bethu, ngokuba nguwe ohawukela intandane.”


Kodwa nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngakho niyakubaleka: ‘Siyakubaleka sigibele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.


Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.


USimakade wamehlula ngenkemba uSisera nazo zonke izinqola zakhe zempi namabutho akhe phambi kukaBharaki, uSisera wehla enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.


“Nxa uphuma uyokulwa nezitha zakho, bese ubona amahhashi, izinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe, Yena owakukhuphula eGibhithe.


Bayowa bashaye ngamadolo phansi, kepha thina siyovuka, sime.


Maye, kulabo abehlela eGibhithe ukuyocela usizo, abethembele emahhashini nasezinqoleni zempi ngoba ziziningi, nakubagibeli bamahhashi ngokuba benamandla, kodwa bengabheki koNgcwele ka-Israyeli, bengamfuni uSimakade!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite